Kwamagilebhisi

© Johannes Mellet Wineland
Soak rootstocks in water for 24 hours before planting.
Isilimo sesivino samagilebhisi sivamise ukuthi sitshalwe phakathi nobusika phakathi kwenyanga ka July no August. Kwizindawo lapho kuye kukhithike khona noma lapho umhlabathi wakhona umanzi kakhulu ngemuva kwezimvula zasebusika, kumele kutshalwe sekudlule isikhathi. Uma kungenzeka, kumele kwakhiwe izigxobo nowaya wendlela yokuhelisa ngokubiyela. Isivini sikhuliswa ngumlimi kwisikhathi esithile, kumele sigcinwe endaweni ebandayo kuvikelwe nenomswakamo ukuvikela ukuthi singomi. Singatshwala endaweni enomhlabathi onomswakamo lapho kunethunzi khona kanye nompheme wendlu noma endlini yokugcina. Kubalulekile kakhulu ukuthu isivini siphathwe ngendlela efanele ngaphambi kokuba sitshalwe.
Kuyindlela enhle ukushiya isivini emanzini usuku olulodwa ngaphambi kokuthi sitshalwe ukuze sizokwazi ukumunca umswakamo. Isibalo esikaliwe kuphela somvini okumele sithathwe siyotshalwa esivinini bese kuthi sonke esisele kumele sigcinwe endaweni emanzi noma sicwiliswe emanzini. Uma izimpande noma amahlumela kukude kakhulu, zingakwazi ukunqunywa zibe mfishane kancane. Imigodi okutshalwa kuyo fanele ibe phakathi ku 30x30 cm ububanzi iphinde ibe cishe ngo 30 cm ukujula nokumele imbelwe emhlabathini ohlakuliwe nonomswakamo. uma kudingeka, umhlabaphi ubusuthanda ukuqina ungavunduzwa uhlakazwe ngemfologo ukuze kuzokhuthazwa ukukwazi ukungena kwezimpande.
Umquba omuhle oseqophelweni eliphezulu i-humus wezitshalo noma umquba ojwayelikele ungathelwa phakathi kwemigodi ukuze kukhuliswe izingalomquba walokho kwemvelo okwake kwaphila okungaphakathi emhlabathini (orgaic matter) kuphinde kukhuthazwe namagciwane emhlabathi. Imivini kumele itshalwe ixhunyelwe ngo 5cm ukusuka emhlabathini ophezulu kuthi izimpande kumele zibheke phansi zisabalale. Izimpande akumele zonke zibheke ngakuhlangothi olulodwa lokho okubizwa ngezimpande ezingu J.
Ngemuva kwakho konke lokho, umgodi okuzotshalwalwa kuwo uyaye ubusugcwaliswa ngomhlabathi ube nguhhafu womhlabathi ohlelembekile bese othi ukugqishwa ngokuwuthintathinta kancane. Phinda futhi ugcwalise uphinde uthi ukuqgisha ngendlela efanayo. Emva kokuba isivini sesitshaliwe, kumele zichelelwe ukuze umhlabathi ukwazi ukwemboza izimpande ngendlela efanele.

Translated by Nokubonga Guliwe