Kingfisher

© Roger de la Harpe
Malachite Kingfisher found in KwaZulu-Natal South Africa.

Ukubukeka

I-kingfisher ngenye yezinyoni ezinemibala egqamile futhi emihle. Ikhala ngezindlela eziningi. Uma zenza usiko oluthathanda kusheshe kubonakale ngoba iyinyoni enehaba. Izinhlobo eziningi zama-kingfisher zinezimpaphe eziluhlaza njengesibhakabhaka bese zibane milomo ebomvu. Ezinye inhlobo zalezi zinyoni zivame ukuhlala ezindaweni ezinabantu, lapho-ke ziye zibonakale ezingadini kumasabhabhu.

Ukudla

Ungakhohliswa yigama lale nyoni, akuzona zonke izinyoni ezibizwa ngaleli gama ezidla
izinhlanzi. Ezinye inhlobo zidla ama-vertebrate, izilwane ezinwabuzelayo, izinambuzane, amagundane, nezinyoni. Amanye ama-kingfisher angeke uwabone nhlobo eduze kwamanzi.

Ukuziphatha

Ama-kingfisher mangabe ehlezi ezihlahleni ahlala abheke phezulu. Le nyoni inekhanda elikhulu, intamo encane nomlomo omude. Le nyoni iwuhlobo lwe-Coraciiformes, futhi ihlotshwaniswa nama-Bee-eaters kunye nama-Rollers. Lenyoni inesivivini esikhulu futhi iyaqonda uma indiza. Akuvamile ukuthi uyibone indiza ngaphezulu kwezihlahla. Mangabe idoba inhlanzi, i-kingfisher ingena emanzini ngekhanda bese iphuma iphethe inhlanzi ihambe nayo ize iyibulale uma isisesihlahleni. I-kingfisher ihlala ezindaweni enezimbobo nasemihubheni.

Zitholakala kuphi

Kunezinhlobo ezingama-86 zama kingfisher emhlabeni wonke. Ezili-18 izinhlobo zalezi zinyoni zitholaka e-Afrika, ishumi lazo litholaka empumalanga naseningizimu ye-Afrika.

Fishing Kingfishers

Ama-kingfisher athanda amanzi atholakala empumalanga naseningizimu ye-Afrika. Lezi zinhlobo yi: Malachite Kingfisher, Half-collared Kingfisher, Giant Kingfisher, Pied Kingfisher. Zonke lezi zinhlobo zama-kingfisher zithanda izilwane ezitholakala emanzini njengezinkalankala, amaxoxo, nezibungu zama-dragon fly. Lezi zinyoni ngeke uzithole zingekho eduze kwamanzi.
Ama-kingfisher uma ezalela amaqanda aye awabeke eduze kwemifula, futhi awafuni lutho eduze kwezidleke wawo. Ama-Pied Kingfisher wona kuvamile ukuthi uwabone ehamba engumndeni, futhi ehamba namachwane awo asekhulile. La machwane asuke esiza ekukhuliseni amachwane asemasha.
Ubude be-Giant Kingfisher ngama-30cm, lokhu kwenza ukuthi kube yiyona enkulu kunazo zonke lezi zinhlobo zezinyoni.
I-Laughing Kookaburra (engathandi manzi eyase-Australia) icishe ilingane ne-Pied Kingfisher ngobukhulu.

Olunye ulwazi

Izinhlobo zama-kingfisher eziyisithupha zidla izinambuzane, ama-arachnids nama-vertebrate amancane. Noma lezi zinhlobo ezingathandi ukudla inhlanzi ezinye zazo ziye zibonakale zihlezi eduze kwamanzi, futhi zizalela amaqanda esihlabathini esiseduze kwemifula.
I-Pygmy Kingfisher yiyo encance kule nhlobo yezinyoni futhi yimfushane nakunogwaja. Inombala omuhle osahholinji nezimpaphe eziluhlaza sasibhakabhaka. Le nyoni eyaseNingizimu Afrika futhi ibonakala ebusuku. Okubuhlungu ukuthi lezi zinyoni eziningi ziyafa ngoba isikhathi esiningi ziye zindizele emawindini amabhilidi.

Enye inyoni yase-Afrika yi-Wooland Kingfisher, yona ebonakala uma kuqala ihlobo nezimvula zaseSouth Zambezi. Inesikhalo sayo esithi, 'ki. . .. trrrrr'. Le nyoni eluhlaza sasibhakabhaka nampisholo iye izakhele isidleke isebenzisa izimbobo ezithokala ezihlahleni, kulapho ke iye izalele amaqanda ayo khona. Iye ichithe isikhathi esiningi ibanga umsindo ukuze ezinye izinyoni ezinombangiswano nayo zazi ukuthi yakhile kuleso sihlahla. Lolu hlobo lwe kingfisher lufana ncamashi ne-Mangrove Kingfisher, yona ezalela amaqanda emahlathini oseduze nolwandle. Le nyoni ichitha isikhathi eside kumaxhophozi lapho izingela khona izinkalankala.

I-Brown-hooded Kingfisher akuyona inyoni evela kwamanye amazwe. Itholakala kumasabhabhu eNingizimu Afrika emadolobheni afana noGoli, Pitoli, Kapa, Nelspruit naseThekwini. Njengezinye izinhlobo zalezi zinyoni, lama-kingfisher akathandi ukuhamba wodwa. Ziye zihlale endaweni eyodwa iminyaka embalwa.

Enye inyoni efana nale yi-Grey-hooded Kingfisher, etholakala e-East Afrika. Lezi zinyoni ezimbalwa ziya eZambezi njalo ngoLwezi nangoMbaso. Le nyoni idla izinambuzane ezithola ezindaweni lapho kunamanzi khona. Le nhlobo ye-kingfisher yiyona encane futhi ayinayo imibala egqamile njengezinye.