Kelp Gull

© Roger de la Harpe
Kelp Gull.

Igama

Kelp Gull (Southern Blackbacked Gull)

Igama lesiLatini

Larus dominicanus

Umndeni

Laridae

Ubude

60 cm

Ukuhlala

Ungayithola ihamba yodwa, nomba ingamaqembu ambalwa ahamba ebheka ukudla, ngasemachwebeni. Ayivamile ukubonakala ezindaweni ezingenamanzi.

Umsindo wale nyoni

Izwi - 'Meeu', Isikhalo esidabukisayo. Mangabe iphazanyisiwe ithi, 'kok-kok-kok'.

Ukuzalela amaqanda

Izalela amaqanda kumaSwartklip nakuma-Rondevlei entwasa hlobo ikakhulu ngenyanga kaMfumfu. Izidleke zenziwe ngotshani, izimpaphe nezinti, futhi ziye qulathe amaqanda amabili noma amathathu. Zibekwa phezu kwesihlabathi. Amaqanda ale nyoni akafani ngemibala. Amanye aye abe luhlaza satshani, amanye abe-turquoise noma abe-ochre.

Incazelo yencane

Inamachashazi ansundu futhi kulula ukuyididisa ne-Skua, kodwa yona ayinama-patch. Uma seyindala iye iqale ukuba mhlophe, nemilenze iyashintsha iqale ukuba nsundu.

Incazelo yendala

Inamehlo ansundu, nemilenze esagolide.

Isimo

Ijwayelekile.

Ukusakazeka

Ogwini oluseningizimu-ntshonalanga, kuma-estuary nakuma-vlei.

Ukukhomba Kwenyoni Yasogwini eKapa

Ngenkathi bevame ukuthanda inhlanzi, izibungu, ama-molluscs, amaqanda nezinyoni ezincane, iCape Gulls (I-Larus Vetula) nazo zingadla imfuyo ...more