Izintuthwane Nembungulu Zamaglebhisi

© Prof Piet Goussard Winetech
Lezi zinambuzane ezimbili zixoxwa ndawonye, ​​ngoba izintuthwane nembungulu yamaglebhisi zivame okuhlobene. Imbungulu zingaphinde zidluliselwe yizintuthwane futhi ukubonakala kwezintuthwane kungabonisa ukutheleleka kwembungulu yamaglebhisi njalo imbungulu yamaglebhisi umthombo wokudla wezintuthwane. Imbungulu yamglebhisi yesifazane ihlanganisa izintambo zomovu ezakha indawo yokubeka amaqanda.

©Prof Piet Goussard Winetech
Esigabeni sesibungu izimpungushe zihamba zisuka eqabini ukuya emagqabini amagilebhisi. Isikhutha esimnyama esivela kwimbungulu sibonakala emvini. Imbungulu yamagilebhisi iphinda isakaze isifo sokugoqana kwamaqabunga. Ngakho-ke, inhloso eyinhloko yokulawulwa kufanele kube ukuvimbela izimbungulu zokuthelela amaqoqo amagilebhisi noma zisakaze kwezinye izivini, kepha ukuphathwa kwezintuthwane kuyisinyathelo sokuqala ekulawuleni imbungulu yamagilebhisi.
Ipulasitiki ephezu komhlabathi kwezinye izimo ingase inikeze indawo efanelekayo yokutshala izintuthwane. Uma izintuthwane eziningi zibonakala ngaphansi kwepulasitiki, kufanele zisuswe ngokushesha. Ukhula olukhula kakhulu lungamema izintuthwane njalo kufanele ususwe ikakhulukazi ngesikhathi sokukhula. Ukusebenzisa uhlelo lokutshala isembozo kungasiza ukulawula ukhula, kanti futhi kube neminye imiphumela emihle ezitheni zembungulu yamagilebhisi. Izitha zezimbungulu ikakhulukazi umanqulwana (ezidla isikhumba sembungulu) nezinambuzane zazo ezihlasela abesifazane abadala.

©Prof Piet Goussard Winetech
Ukuqapha imbungulu kuhlanganisa ukusetshenziswa kwezicupho ze-pheromone ukubamba abesilisa. Izivini ezinomthelela ziphawulwe ngokushesha ukuze zilashwe ngekhemikhali efanelekayo ebusika, ngaphambi kokuba ihlume. Kubalulekile ukuthi izivini eziseduze nazo ziphathwe. Ukuhlanza kakhulu imivini kubalulekile ngoba izimbungulu zifihleka ebusika ngaphansi kwegxolo elifile nasezimpandeni. Ezimweni kunomthelela omkhulu wembungulu, inhlabathi ingase isetshenziswe. Beka izithiyo zezinambuzane ezinamathele noma izithiyo eziphathwa ngomuthi wekhemikhali uzungeze isiqu kanye nezintambo ezihamba phambili zokulawula izintuthwane.

Translated by Nsika Khoza