Izinhlobo Zomhlabathi Wesivini

© Louise Brodie
Young vines planted in rocky soil.
Izinhlobo zomhlabathi eNingizimu Afrika ziyehluka kakhulu. Eminye ingumhlabathi ekhumuzelayo kanti eminye enobumba bese kuba onamadwala. Umhlabathi awuhluki nje kuphela kumbala, kodwa nakwimisoco yawo kanye nokukwazi ukumumatha amanzi. Umhlabathi okhumuzelayo nonamadwala awukwazi ukubamba imisoco eminingi kanye namanzi kunomahlabathi osalubumba. Okunyeke izinga lomquba osemhlabathini (organic matter) nawo udlala enkulu indima.
Izakhi ze-cultivar yamagilebhisi (uhlobo lwembewu oluzohlanganiswa uma kutshalwa amagilebhisi) nayo kubaluleke kakhulu ukuthi ikhuliswa kumumhlabathi onjani. Ukuhlanganisela kwesimo sezulu, indawo, ulwazi ngamadwala nehlobo lomuhlabathi kuba nomthelela ekugcineni ukhiqize iwayini eliseqophelweni lezinga eliphezulu, kodwake izimo zendawo nohlobo lomhlabathi nazo zibanomthelela ukuthi lizobanjani iwayini. Ngakhoke kubaluleke kakhulu ukwazi ukuthi utshalela kuhlobo olunjani lomhlabathi ukuze uwulawule ngendlela efanele bese ukwazi ukukhiqiza iwayini leqophelo nezinga eliphezulu.
Ukuthola ukuthi lunjani uhlobo lomhlabathi akuwona umsebenzi olula. Ukuze ukwazi ukuthola lololwazi, kumele kumbiwe imigodi okuzoqoqwa ulwazi ngayo. Lolulwazi oluqoqiwe lwemigodi embiwe kumele kumbiwe kudwetshwe endaweni ethile ekhethekile base kuhothulwa ukuhlaziywa konke okumele kwenziwe ngosolwazi.

Umhlabathi Onamadwala

Umhlabathi onobumba olungaphansi kuka 6% awukwazi ukubamba ukukhula kwezimpande, kodwa okuhlula kakhulu loluhlobo lomhlabathi ukungakwazi ukubamba amanzi kanti unemisoco emincane. Ngakhoke, umhlabathi onomadwala kumele uchelelwe njalonjalo nezikhulisi kumele zifakwe njalonjalo. Amanzi amaningi achelelwa ngenkasa asuka kuloluhlobo olungaphezulu lomhlabathi. Ngenxa yokukhumuzela kakhulu amanzi amunceka ngokushesha. Ukugcinwa kwamanzi kungazuza ngokutshala izitshalo zokwemboza noma isembozo esithelwe ngaphezulu i-mulch ukwehlisa ukuhwamuka kwamanzi ayephezulu eseyigesi (evaporation).
Ukukhulisa ukhula kudla kakhulu amanzi nemisoco esuke ikhona, ngakho ukutshala izimbozo nokulawula ukhula kuyindlela enhle ongayisebenzisa uma utshala ngomhlabathi okhumuzelayo. Ukwengeza umquba kwandisa amazing omquba oyi humus evele isisemhlabathini ngalokhoke amanzi ayakwazi ukubambeka. Ukuchelela okuhle ngenkasa kumhlabathi okhumuzelayo ukusebenzisa izindlela ezincane noma ze drip bese usheshe umzungezo wokuchelela. Yize umhlabathi okhumuzelayo uphushuzela futhi ungenawo amagabade, kuyenzeka ukuthi usinde futhi ugqisheke emva kwemvula esinethe kakhulu noma usuhanjwe kakhulu izimoto.

Umhlabathi Owubumba

Umhlabathi owubumba ovamise ukutholwa ngasemifuleni lapho usuke kakhulu ushiywe ngamanzi nezikhukhula. Umhlabathi owubumba uyakwazi ukubamba amanzi kahle, unemisoco eminingi futhi isivini esikhuliswa kuloluhlobo lomhlabathi sikhula ngamandla. Izinhlayiya zalomhlabathi ziyaphushuzela futhi kunomehluko omkhulu owenzeka kumaleya namaleya alomhlabathi. Umhlabathi wobumba ngesinye isikhathi ubukeka njengesemishi lapho amaleya awo ehlukaniswa phakathi ileya enomhlabathi ohhadlazelayo. Umehluko ngokwakheka kwawo ukuthi uvimbela izimpande ukuthi zijule phansi, nokusabalala kwamanzi. Amanzi ahamba kubumba adlule aye kumhlabathi okhumuzelayo bese eyongena kumhlabathi ongaphansi, kodw izimpande azingeni kwileya enomhlabathi ohhadlazelayo.
Ukuhlelemba umhlabathi owubumba ngokuwuhlakulela (tillage) kumele kuhlelwe kahle ukze kuzovikelwa ukuqgisheka. Izinga lamanzi asemhlabathini owubumba kuyinto ebalulekile kakhulu okumele ibhekwe uma kuhlelwa ukuhlakulwa isivini ngezandla. Ukuqgishelana komhlabathi nakho kungenzeka ngokuhambisa izmoto uma ubumba lumanzi kakhulu. Kumhlabathi owubumba, umquba wakwakhe kwaphila (organic material) uyalekelela ukulekelela ukumunceka kwamanzi nokuvuleleka kokungena nokuphuma komoya. Uma umhlabathi wome kakhulu, kungakheka amagabade amakhulu. Lomhlabathi onamaleya athanda ukuba nenkinga kumele uhlanganiswe uhlelembe kahle ngegeja elinamasondo.

Umhlabathi Onamadwala

Loluhlobo lomhlabathi lujwayelekile kwimihlabathi ebonwa njengongaphezulu. Uphinde ubizwe ngokuthi dorbank noma i-koffie klip. Ukungena kahe ekujuleni komhlabathi kubalulekile ukuze ukwazi ukuhlakaza amaleya okungasangeneki kuwo nasephakishelene enzeka ekujuleni komhlabathi. Lamaleya anjengalawa angavibela ukungena ekujuleni kwezimpande. Ukuhlelemba umhlabathi ezindaweni ezinamadwala kuvamise ukubiza ngoba kudingakala ukusebenzisa imishini emikhulu nebizayo ngesinye isikhathi ukugugula ileya engaphezulu.
Emva kwalokho kuhlakulwa oqine kakhulu (dorbank) uhlanganiswe ngegeja lokulima umhlabathi ongaphansi noma ngethuluzi elisageja nalo lokuhlakaza umhlabathi oqinile. Yizeke kunjalo ukunakekela kumele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi ukuphindi futhi kugqishelwe phansi umhlabathi osuhlelembiwe ngokuhlakulela. Umhlabathi onomadwala olungisisiwe wahlelenjwa uyakwazi ukubamba kangcono imisoco namanzi.