Izinhlobo Zezondlo Zezimbuzi

©Marinda Louw
In Fairview's intensively dairy farming operations, Saanen goats have thick straw bedding to keep warm in winter and receive roughage as well as supplementary feeding.
Ukudla kwezimbuzi ngokujwayelekile kuhlukaniswa ngezigaba ezintathu:
Umhadlahadliso - ohamba phambili ekuquketheni kwenxoza, ukugaya okunzima, okushibhile kunezinye izondlo.Umhadlahadliso izondlo ezinenxoza, njengotshani, ilusene, amadlelo, amaqabunga, izinsalela zezitshalo.
Okuqoqene - izakhi zomzimba ziqoqene ndawonye kakhulu kunomhadlahadliso, futhi ngokuvamile zibiza kakhulu.
Izingezelo - ezakhiwa ngamavithamini noma amaminerali, izingezelo ezithengiswayo zifakwe ezinani ezincane zokudla okuyinhloko, ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhi ezidingekayo zikhona.

Umhadlahadliso Wezimbuzi

©Arthur Chapman
Rhodes grass (Chloris gayana) makes good roughage for goats.
Umhadlahadliso isithako sokudla esinesisindo esiphakeme esigayeka kancane kancane.Umhadlahadliso ongcono kakhulu uhlanganisela ubhontshisi kanye nezinhlamvu zeothi, nanoma yiluphi uhlobo lwehhoyi namaqabunga. (Imbulungana yezondla iqukethe inxoza, kodwa hhayi umhadlahadliso.) Ukudla okusanhlamvu kusezingeni eliphansi kunamaqabunga noma amadlelo, okungumhadlahadliso ngokuphelele.
Imbuzi ifana nenkomo encane yobisi, isilwaneesetshisayo, futhi kufanele ibe nomhadlahadliso owanele ekudleni kwayo, ukuze yetshise.
Umhadlahadliso kumele ube isisekelo sesimiso sokudla sezimbuzi. Ngaphandle komhadlahadliso, izimbuzi zizofa. Izimbuzi zobisi zidinga inxoza yokusebenza kahle kwesisu namazinga ajwayelekile amafutha obisini. Ukunciphisa ukufakelwa kwenxoza yembuzi yobisi kuzomkhawulola ubisi lwakhe.
Uma kunenxoza eyanele yekhwalithi elihle, kungenzeka ukuthi ezinye izinhlobo zezimbuzi zingathola zonke izakhi ezidingekayo kunxoza, ngaphandle kwamanye amavithamini namaminerali.
Indlela eshibhile kakhulu ukukhiqiza inxoza ekhaya, ikakhulukazi uma izindleko zokuthutha ziphakeme. Uzogcina imali, kodwa futhi uzoqinisekiswa ngekhwalithi nokutholakala. Futhi, gcina umhadlahadliso kwisitoreji (njengehhoyi) usenzela izikhathi zesomiso.
Isibonelo, ungase ukwazi ukukhulisa amadlelo afana notshani lwe-Rhodes ngesikhathi sobusika bese ngesikhathi sehlobo utshale izinhlamvu zeothi. Lezi zinikeza amandla amaningi, kodwa ziphansi kakhulu amaprotheni, ikakhulukazi njengoba izitshalo zivuthiwe. Ilusene, i-cowpeas kanye nezinye izitshalo ezinhle kakhulu imithombo yamaprotheni enhle.

Isondlo Esiqoqiwe Sezimbuzi

©Thamizhpparithi Maari
Oilcake made of the residue of peanuts after oil extraction. This makes good animal feed.
Isondlo esiqoqiwe umthombo wokudla ongase wengezwe ekudleni okuyisisekelo. Uma umhadlahadliso ungowekhwalithi enhle, kuzodingeka isondlo esiqoqiwe esincane kunalokho uma umhadlahadliso umpofu noma usezingeni eliphansi.
Imbuzi ingakwazi ukwandisa ukondla kwayo ngokudlaokuningi nokusebenzisa amafutha, kodwa uma isilwane sikhiqiza ubisi, kubalulekile ukunikeza uhlobo oluthe xaxa lokudla.Isondlo esiqoqiwe singahlukaniswa ngezigaba ezimbili ezibanzi:

Imithombo yamandla - ummbila nezinye izinhlamvu
Imithombo yamaprotheni - ukudla kwezinhlanzi, amafutha webhontshisi, isidlo se-suncake i-oilcake meal, isidlo samafutha endlubu, isidlo samafutha embewu yakotini, njll.
Ngokuvamile, lezi zithako zihlanganisiwe ukuze zinikeze ibhalansi edingekayo yezakhi.
Isondlo esiqoqiwe siyabiza, ngakho ukusetshenziswa kwabo kumele kuvinjelwe ukuze kungabi nokuchitha imali.
Ngokuvamile kuthengwa kumdayisi wesondlo, kepha kungenziwa futhi umfuyi. Kubalulekile ukuthola usosayensi wokudla ukuze ahlanganise umxube ukuze unikeze izakhi ezibalulekile. Kodwa-ke, kuyoba lula ukuthenga isidlo sezinga elijwayelekile esikhundleni sokuthi uhlangane ngokukhethekile.

Ukudla Okuphelele Kwezimbuzi

Kungenzeka ukondla izimbuzi zobisi "ngokudla okuphelele", lapho zonke izidingo ezidingekayo zifakwe kunxube eyodwa: Umhadlahadliso, isondlo esiqoqiwe, amavithamini namaminerali konke kuhlanganiswe ndawonye. Lezi zibizwa nangokuthi "Total Mixed Rations" (TMR). Ukudla okuphelele kufanele kunikezwe ngokukhululekile ukuze zikwazi ukudla njengoba zifuna. Noma kunjalo, izimbuzi ezikhiqiza ubisi oluningi kakhulu (+4 amalitha obisi / usuku) cishe zizodinga amandla engeziwe.
Ukondla okuphelele kungase kube yisisombululo esilungile sabalimi abakwazi ukuyikhiqiza ngentengo ephansii, ikakhulukazi abalimi abangakwazi ukukhiqiza umhadlahadliso ekhaya.
Inkinga eyodwa, ikakhulukazi ngezimbuzi, ukuthi zingadla izithako ezithile kuphela kwi-TMR, izibambo ezinambitheka kakhulu. Lokhu kusho ukuthi angeke zidle ukudla okulinganiselayo, noma zidle umhadlahadliso okwanele futhi zobe zisengozini yokuthuthukisa i-acidosis. (I-Acidosis iqala lapho izimbuzi zidla okusanhlamvu okuningi futhi okungena mhadlahadliso eyaneleyo yezinto eziphathekayo. Lokhu kubangela ukubila kanye nokuvaleka kwesisu.)

Translated by Nsika Khoza