Izinhlobo Zezinkukhu

© Chris Daly

Izinhlobo ezahlukene zezinkukhu zikhona eNingizimu Afrika, olunye nolunye lunamandla nobuthakathaka balo. Ukuze bakhethe uhlobo, abafuyi kumele bacabange indlela abayofuya ngayo izinkukhu, indali abayihlosile nalokho abakuthandayo.

Izinhlobo zokuthengiswa ngokuvamile ziyintandokazi ekufuyeni inqwaba, ekubeni onhlosombili noma ezomdabu zingaba yintandokazi ekufuyeni edlelweni noma egcekeni elincane.

Izinhlobo Zezinkukhu Zokuthengiswa

Izinhlobo zezinkukhu ezithengiswayo zihlelekile kakhulu, kuba ukuthi zikhiqiz’ amaqanda amaningi noma inyama eningi, kodwa hhayi kokubili. Zifanelwe ibhizinisi lokukhiqiza kakhulu.

Izikhukhukazi ezithengiswayo zitholakala kubafuyi lapho zinamaviki awu-18 ubudala. Iningi lezinhlobo ezithengiswayo namuhla zakhiwa ngenhlanganisela yeWhite Leghorn neNew Hampshire, i-Amberlink, iHyline neLohmann zinhlobo ezisetshenziswa kakhulu eNingizimu Afrika. Inkukhu iyinye ingazalela amaqanda ayisithupha kuya kwayisikhombisa kusukela kwenamaviki awu-18 kuya kwenawu-70 ubudala.

Njengoba izikhukhukazi zifuywa isikhathi eside kwamanye amazwe zize zigilwe imigilingwane yokuthi ziphinde zizalele, abafuyi abaningi baseNingizimu Afrika bayazithengisa izikhukhukazi uma sezinamazviki awu-70 obudala. Okokuqala, yingoba kuphenduka kubize kakhulu ukufuya izinkukhu isikhathi eside bese okwesibili, yingoba iNingizimu Afrika inendali engabhalisiwe echumile yezinkukhu eziphilayo (izikhukhukazi eseziqedile ukuzalela). Abafuyi basebenzisa le mali okuthengwe ngayo lezi zikhukhukazi ezingasazaleli ukuthenga izikhukhukazi ezintsha.

Iningi lezinkukhu zenyama ezithengiswayo zakhiwe ngenhlanganisela yeWhite Plymouth Rock ne-Indian Game, iRoss, iCobb, iHubbard, Arbor Acres neHybro izinhlobo ezisetshenziswa kakhulu eNingizimu Afrika. Izinkukhu zithengwa zisengamachwane anosuku olulodwa ubudala. Inkulu inqubekela phambili eyenziwe ekwakhiweni kwezicubu zofuzo iminyaka ngeminyaka.

Njengoba bekuthatha izinsuku eziwu-84 ukukhiqiza inkukhu yenyama ewu-1.8 kg ngokudla okuwu-3.25 kg ngeminyaka yawo-1950, izinkukhu zenyama zamanje ziyakwazi ukuba nalesi sisindo emva kwezinsuku eziwu-33 kuya ku-35 ngokudla okungaphansi kwesigamu. Amaqhinga okubumba ufuzo awabhekisiwe nje ekuthuthukiseni umkhiqizo wamaqanda noma inyama, kodwa abhekiswe nasekubumbeni izinkukhu ezisimeme futhi eziqinile.

Translated by Zoza Shongwe