Izindlela Zemvelo Zokulawulwa Izilokazane Ezikhathazayo

© Marinda Louw

Kunemikhiqizo yezohwebo ezifana namafutha e-neem nensipho ebulala izinambuzane ezikhathazayo engasetshenziswa, kodwa kunezibonizakwenza zasekhaya ezingasiza ekuxosheni izilokazane ezikhathazayo.

Umfafazo Weshaladi Lenyoka

Umfafazo weshaladi lenyoka ubulala izinambuzane eziningi. Sika ingxenye ezintathu zeshaladi lenyoka ezinkulu futhi uhlanganise nelitha eyodwa yamanzi abilayo nezipuni ezimbili zeparafini - kusiza ukuhlanganisa kahle ingxube yamaqabunga. Gxambuza izinsuku ezimbili; xuba ngamalitha ayishumi amanzi bese uphefa ezitshalweni.

Umfafazo Wepelepele Neshaladi Lenyoka

Sika ingxenye ezintathu ezinkhulu futhi uqothe nopelepele abahlanu. Hlanganisa lokhu ngelitha eyodwa yamanzi abilayo kanye nezipuni ezimbili zeparafini. Gxambuza izinsuku ezimbili; xuba ngamalitha ayishumi amanzi bese uphefa ezitshalweni. Umfafazo wepelepele neshaladi lenyoka ubulala izinambuzane eziningi.

Umfafazo Wembabazane

Khetha imbabazane ezintinyelayo, ezigcwalisa isikhwama sokuthenga esiphelele kodwa hhayi okugxiliwe kakhulu. Gqoka amagilavu ​​njengoba kuzontinyela izandla zakho. Engeza amalitha amahlanu amanzi abilayo nezipuni ezihlanu zeparafini. Shiya okungenani isonto elilodwa (ungagcina noma inyanga eyodwa). Engeza amalitha angamashumi amabili amanzi. Ingxube ingasetshenziselwa izitshalo njalo ngesonto lesibili futhi kusiza kakhulu ukugcina zonke izinambuzane zikude. Qaphela: kufanele kwenziwe njalo ngemva kwamasonto amabili futhi kuvimbela kuphela.

Isihlahla se-Khaki

Cosha izihlahla ze-khakhi (Tagetes minuta) ezigcwalisa isikhwama sokuthenga - sivalwe ngokuqinile. Thela amalitha amahlanu amanzi abilayo bese ushiya okungenani isonto elilodwa (ungagcina kuze kube inyanga eyodwa). Akudingekile ukwengeza i-paraffini egcwele, njengoba kukhona amafutha amaningi emvelo esihlahleni se-khaki. Engeza isipuni (15ml) sakhetshezi wokuhlamba izitsha kanye namamalitha angamashumi amabili amanzi. Fafaza onke amasonto esibili ukugcina izinambuzane zikude.

Umlotha Wezinkuni

Umlotha wokhuni wawusetshenziswa okhokho bethu ukulawula izinambuzane. Usiza umhlabathi futhi uqukethe ifosiforasi (P) ne-potassium (K). Fafaza uzungeze izitshalo ngomlotha osampushana, omdala njalo owomile. Qinisekisa ukuthi umlotha awuthinti izitshalo. Ungalokothi usebenzise umsizi womlotha. Umsizi uyasetshenziswa futhi ngempumelelo kakhulu ugcina iminenke kude.

"Isobho Lebhungane Nomswenya"

Qoqa amabhungane noma umswenya okubangela izinkinga ezifana nobhungane omnyama odla izimbali noma umswenya obangela umonakalo omkhulu. Beka amabhungane noma umswenya esiqukathini bese umboza ngamanzi ukuze ucwilise. Manje uthele amanzi ashisayo phezu kwezibungu bese wenza "isobho noma" eniqinile. Shiya izinsuku ezimbalwa futhi usebenzise njengendlela yokufafaza ezitshalweni. Le ndlela iphumelela ngokukhethekile ekulweni nomswenya.

Umhlonyane

Umhlonyane (Artemesia absinthum) uxosha izilwane eziphila emanzini nasemhlabeni, obhungane, izimpukane, izimvemvane ezimhlophe neminenke. Yenza itiye ngemithi eminingi bese uhlanganisa nelitha lamanzi abilayo.

Translated by Nsika Khoza