Izindaba zogogo – ubuncweti ngobandlululo

UTenjiwe Tutu usixoxela ngendlela awayephila ngayo ngenkathi awayesebenza emakhishini ngesikhathi sobandlulo, ukubalekela amaphoyisa nokucishe abanjwe aphonswe ejele.

Ukubalekela amaphoyisa

©Eric Miller

Ngangisebenza ePlumstead, ngisebenzela owesifazane okwakuthiwa uNks.Truter, nendodakazi yakhe. Babehlala eKloof Street, eKapa. uNks.

Truter wayevame ukuthi mangizwa kungqongqozwa emnyango ngingavuli ngoba kungaba amaphoyisa. Mhlambe omakhelwane abatshela ukuthi kunomuntu omnyama osebenza emphakathini wabo engena pasi, ngoba babefika njalo. Njengoba ngangitsheliwe angizange ngiwuvule umnyango. Ngenye inkathi ngangike ngilunguze ewindini ngibone imoto enkulu ime ngaphandle kwe jalidi, ngangike ngizibue ukuthi leyomoto yayigade mina yini.

Kube ngangikwazi mhlampe ngabe ngake ngenza abanga futhi ngivakashe. Kodwa ngangivalekile ejalidini, ngingakhoni ukuphuma, nganginesizungu, futhi ngingajubulile. Noma kwakunjalo, kwakulungile, ngangisebenza, futhi ngikwazi nokunakekela zingane zami. Ngangihlala khona lapho emsebenzini. Ukuhlala lapho osebenza khona kwakulungile.

Ukuhlala ngaphandle, kwakunzima ngoba wawungabanjwa noma yinini. Ngolwesine kakuyisuku lokuthatha ikhefi, nalokho kwa kuyingozi ngoba sasingabanjwa.

Ukuzimela ehostele

©Eric Miller

Kunelanga lapho amaphoyise acishe asibamba khona. Sasiyisikhombisa, sibuya kwisteshi sestimela eGugulethu. Kwakunemoto yamaphoyisa ngaphambi kwethu. Asimemeza amaphoyisa ethi afuna ukubona amapasi ethu. Ngangihambangaphambili kulelqembu. Iphoyisa elilodwa laphuma emotweni, uthe eze kuthi, ngabezitshela ukuthi angeke ngiphinde kulesasi rhogo, ngamane ngife!

Ngahamba ngaya kwi moto yawo ngenza ngathi ngizongena, kwakunabantu ababehleka ngoba becabanga ukuthi ngizozingelela emotweni ngingaphoqwanga. Masengifika eduze kwemoto ngasuka ngejubane, wawungafunga ngathi ngi shawe ugesi. Balandela abanye. Angazi ukuthi bashona kuphi, kodwa mina ngabaleka ngayongena ehostele, futhi abantu bakhona ngivulela.

Imibhede yabo yayenziwe ngosimende, futhi unesikhala lapho abagcina khona ingubo zabo. Angena amaphoyisa, ayehlezi ekhuluma ngodlame, futhi ehlezi ethukuthele. Amemeze ethi, “ishoni ukuphi?” Athi amadoda asehostele akakaze angibone. Amaphoyisa aqala angibheka kuyo yonke indawo kodwa angangithola. Ngangizwa izicathulo zawo, ngizwa futhi nje ukuthi maningi. Akazange angithola ngoba abaphenyanga lapho kwakukho amabhodi.

Translated by Nwabisa Ngumbela