Isifo Sokhunta Wamagrebhisi

© Oliver MacDonald
Ukhunta iyimvelo encane kakhulu efana nezitshalo. Iqukethe impova yokhunta ngemva kokuhluma evela emvini. Ngokuvamile ihluma ngokushesha ngaphansi kwezimo ezifudumele zomswakama futhi impova yokhunta isakazwa umoya kanye namanzi. Isibonelo esihle sokhunta imvundo ekhula kusinkwa uma sigcinwa esikhwameni seplastiki izinsuku ezimbalwa. Kunomswakama futhi kufudumele ngaphakathi kwesikhwama esihle ukuze impova zikhule.
Impova zokhunta ziyaphephuka noma zichaphaze emaqabungeni amanzi omvini, umhlanga noma amagilebhisi futhi zihlume ngaphansi kwezimo ezimanzi. Ingena kuleli qabunga ngokusebenzisa i-stoma (imbotshana, etholakala kulwabulo lwamaqabunga), noma indawo yangaphezulu yamaqabunga. Isikhunta sizondla amangqamuzana esitshalo bese igxuma kuzo zonke ingaba, siphuca izakhi futhi amangqamuzana abe nsundu noma ophuzi. Lezi zicubu ezifile ziba nsundu futhi kamuva zibe zimnyama ngenkathi izinto ezisaboya ezimhlophe ziphuma ngembotshana yamaqabunga.
Isikhunta singahlala silele ezindaweni ezingcolile ezitshalweni, emhlabathini, noma ngisho nasemqumbeni. Uma ukutheleleka sekuvele kwenzeka, isikhunta asilawulwa kalula, kepha ukulawulwa okuhle kutholakala ngomuthi obulala ukhunta. Umuthi obulala ukhunta wesimiso uyamuncwa yisitshalo futhi ubulale isikhunta esivela ngaphakathi kwesitshalo. Izifo ezivame zokhunta ezivamile isikhuta esisampushana (oidium), isikhuntha esoboya (i-Plasmopara viticola), isifo sengalo efile (streepvlek - Phomopsis viticola), i-botrytis (vaalvrot), i-Eutypa i-dieback (tandpyn) nokumnyama okunamathayo (i-wortelvrot).Translated by Nsika Khoza