Inhlalakahle Yonogwaja

© Judy Stuart

Unogwaja wasekhaya kufanele agcinwe emakhejinii ukuze azalisane kahle, ukuvikelwa nokugcina imvelo. Noma kunjalo, onogwaja bathembe ngokuphelele kubanikazi babo ukuze basinde. Ukuze kuqinisekiswe lokhu kusinda, umlimi onogwaja kufanele alandele imithetho emihlanu ehlonishwa emhlabeni wonke.

Ukukhulula Ekomeni, Indlala kanye Nokungondleki

Njalo unogwaja kumele abe nokudla okwanele namanzi wekhwalithi efanele, nsuku zonke, ukuze akhule nokukhiqiza.

Ukukhululeka Kusuka Ekungahlaleni Kamnandi

Njalo unogwaja kumele abe nekheji enkulu ngokwanele yokunyakaza nokumvikela esimweni sezulu kanye nezilwane ezidlayo.

Ukukhulula Ezinhlungwini, Ukulimala kanye Nezifo

Njalo unogwaja kumele ahlolwe ukuze kuqinisekiswe impilo yakhe nokuthi akanazinto eziphila ngokudla emzimbeni wakhe. Ikheji yayo kufanele yenziwe ngendlela yokuthi kungabi namabhande ocingweni okuphuma ngaphandle angalimaza isilwane.

Ukuzikhethela Ukuveza Ukuziphatha Okujwayelekile

Ikheji kumele ibe phezulu ngokwanele ukuqinisekisa ukuthi unogwaja ungahlala emilenzeni yakhe yangemuva, isikhala esivumelwene sivumela unogwaja ukuba alulaze ohlangothini lwawo bese ehamba ngokuzungezile kalula.

Ukukhululeka Kusuka Kokwesaba Nokucindezeleka

Unogwaja kufanele avikeleke emsindweni, ngokuzwakalayo, izinja kanye nezinye izilwane ezidlezinye futhi akumelwe neze ahlale elambile noma ubuhlungu nganoma yisiphi isizathu. Ukuphatha kahle onogwaja kubalulekile. Uma uthatha noma uthwala unogwaja, kumele uzizwe uvikelekile ezandleni zomphathi futhi akufanele aphathwe yizindlebe. Funda kabanzi mayelana 'Indlela Yokuphatha unogwaja'.
Uma le mithetho emihlanu eyisisekelo ilandelwa, unogwaja uzofeza indima yawo futhi azalise kahle.

Translated by Nsika Khoza