Indlela Yokuthuthukisa Impilo Yomhlaba

© Francois Viljoen

Ukwehla kwekhwalithi yomhlabathi eNingizimu Afrika kuyingozi enkulu kwezolimo zaseNingizimu Afrika. Imniningwane eyaziwayo evela ezifundweni ezihlukahlukene ibonisa ukuthi inhlabathi yeNingizimu Afrika inezinga eliphansi lezinto eziphilayo - cishe u-58% wenhlabathi uqukethe ngaphansi kwamaphesenti angu 0.5 ekhabhoni, Njalo amaphesenti amane kuphela anekhabhoni engaphezu kwamaphesenti amabili.
Inhlabathi ephezulu enezinto eziphilayo (OM) ezingaphansi kwamaphesenti amabili ithathwa ngokuthi "inhlabathi efile" ngoba ayinazo izakhi ezinokwanele (ikhabhoni) zokudla imbewu yokufa. Umhlabathi one – OM ngaphansi kwamaphesenti amabili idinga isivundiso.
Izinto eziphilayo zihlanganisa utho oluphilayo, izilokazane zenhlabathi (imvubelo, isikhunta, amabhaktheriya njll) kanye nohumasi. Ingumthombo oyinhloko wezakhi, futhi igcina amanzi nezakhi; okukhuthaza ukuthuthukiswa kwezimpande, ukwakheka kwezinhlanganisela zomhlabathi nokwandisa ukungena kwamanzi.
Ukuvunda kwenhlabathi akuhlosile kuphela ukuba nezakhi ezanele emhlabathini ngenkathi ethintekayo, kodwa futhi nokuqhubeka nokufaka izinto eziphilayo ezakhayo enhlabathini. Lokhu kwenziwa ngokutshala umquba ohlaza, nokushintsha izitshalo ngomjikelezo nokwenza umquba. Inhlabathi kumele ibe nokulinganisela, futhi ilayimi, ifosifithi nezinye izinto eziphilayo zingasetshenziswa kulokhu. Ngaphezu kwakho konke, imbewu yokufa esenhlabathini, imvubelo, isikhunta kanye nomsundu - okuyinto enzisa ukuvunda kwenhlabathi. Lezi mbewu ziyingxenye ebalulekile yokulima okuphumelelayo.
Izinyathelo ezibalulekile zokuthuthukisa impilo yenhlabathi:
Sebenzisa izinto zemvelo emhlabathini njengoba kukhuthaza ukukhula kwamabhaktheriya. Imbewu yokufa yemvelo esebenzayo (EM) ingathengwa futhi inikezwe enhlabathini.
Hlakulela inhlabathi kancane kunokuvamile. Ukulima kwenhlabathi kakhulu kubangela ukuthi izakhiwo zomhlabathi ziphume futhi ukuzala kwenhlabathi kuyancipha.
Engeza ukumboza kwenhlabathi - inhlabathi kufanele ihlanganiswe nezinto eziningi zezitshalo kunokuvamile. Lokhu kuzokuvimbela ukuguguleka kwenhlabathi, ukuphuma kwamanzi okungadingekile nokukhula kokhula. Kuphinde kubangele ukukhula kwezinhlobonhlobo zemvelo. Umhlabathi ungahlanganiswa nezitshalo noma umquba, njengoba kuxoxwe ngezansi.
Engeza izitshalo ezihlukahlukene. U-Bio uchaza ukuphila no diversity uchaza izinhlobo ezihlukahlukene. Umkhiqizi kufanele azame ukuba nezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo endaweni okukhiqizwa khona noma epulazini. Kuhlanganisa izitshalo, izinambuzane nezilwane, isikhunta nama-bakhtheriya. Ukwanda kwezinto eziphilayo epulazini, kwandisa ukulawulwa kwemvelo.

Translated by Nsika Khoza