Indlela Yokushayela Ngaphakathi Kwepaki yeMapungubwe

Indlela ye-Tshugulu 4x4

©Roger de la Harpe
Nakuba ngitsheliwe ukuthi indlela ye-Tshugulu iyinkimbinkimbi futhi inzima, ayiklanyelwe njengenkinga yokuvimbela wena nomshini wakho. Kuhloswe njengendlela yokubuka, ukufundisa nokudlala umdlalo okufanele kuqhutshwe ngezinga lokungcebeleka. Indlela ye-Tshulugu kuyindlela enhle yokuhlola ohlangothini olungadumanga olusentshonalanga yepaki futhi idrayivu idlula endaweni ezihloselwe ukubuka kahle.
Indlela ingamakhilomitha angamashumi amane nanhlanu ubude futhi uthatha amahora amahlanu kuya kwayisithupha. Kukhona izindleko ngemoto ngayinye, futhi uthola incwajana enhle kakhulu nemephu echaza konke okuthakazelisayo ozokuobona emgwaqweni.

Ukushayela ePaki

©Roger de la Harpe
Kukhona amakhilomitha anagmashumi amane nanhlanu emigwaqweni epaki futhi konke ugedla noma isihlabathi. Iningi lalezi zindlela zifinyeleleka ezimotweni ezivamile zesidani, kodwa kuzokusiza ukuba nemoto eqinile njalo enendawo enkulu evulekile ngaphansi. Imoto zomdlalo ezihambela phansi angeke zijabulele uhambo lolu. Ubuso bomgwaqo buhlanganiswa ngezikhathi ezithile, kodwa kusekhona amatshe ahlabayo emgwaqeni. Qaphela amaphantshi futhi uqiniseke ukuthi unesondo lesibili elinomoya futhi unempahla ezidingekayo uma sushintsha isondo.
Kukhona imigwaqo eminingana ebhalwe 4x4 kuphela. Akukho nzima ukushayela kuwo kodwa kungase kubonakale kunenkinga ezimotweni ezinamathayi amancane. Qaphela ukuthi akukho petroli etholakala eMapungubwe. Iziteshi zokugcwalisa eziseduze zise-Alldays (70km) naseDongola Ranch (30km).

Hamba Ngakwesokunxele Noma Ngakwesokudla

©Roger de la Harpe
Kusuka esangweni elikhulu, kunezindlela ezimbili eziyinhloko ongazithatha epaki. Uma uphendukela ngakwesokunxele eLeokwe Camp, ungavakashela i-Treetop Walk ne-Confluence View Site nendawo ye pikiniki. Uma uphendukela ngakwesokunxele, ungafinyelela i-Kanniedood ne-Khongoni yokubuka imidlalo ye-loops kanye ne-Poacher's Corner. Le ngxenye yepaki nayo iqukethe idamu elikhangayo le-Schroda Dam kanye namanxiwa endlu endala yokudoba emabhange aseLimpopo lapho uJan Smuts ayehlala khona. Zombili lezi zikhangayo zivinjelwe, kodwa zithemba ukuthi zizothuthukiswa esikhathini esizayo.
Imigwaqo eminingi emapakini ibhalwe 'akukho ukungena'. Lokhu kungenxa yezizathu ezihlukahlukene. Eminye yale ndawo inabanikazi njalo kuhlala abantu, eminye yemigwaqo iholela ezindaweni zokuhlala ezizimele zabasebenzi basepaki, kanti eminye imigwaqo isathuthukiswa futhi iyovulwa uma imvelo isimisiwe.

Translated by Nsika Khoza