Impahla Yokuqhakazisa

©Judy Stuart
Impilo nobuhle bonogwaja incike ekubondleni kahle nokubagcina behlanzekile ngazo zonke izikhathi. Ngakhe-ke kubalulekile ukuba nempahla okuyiyonayona yokuhlanza indawo yonogwaja, ngaphandle nangaphakathi, kwamahhoko nezimpahla ezisetshenziswe emahhokweni.
Umshanyelo oqinile nefoshela kubalulekile ekugcineni umgandelo uhlanzekile futhi ucolekile. Umgandelo ohlanzekile noshanyeliwe uxosha abagaseli ababili ukuthi bangaphenyi ihhoko; amagundwane nezinyoka okuyizilwane ezimbili ezibulala onogwaja kanti futhi aziyithandi indawo eshanyeliwe.
Uma amahhoko onogwaja egcinwe phezu komgandelo kasimende kungumbono omuhle ukuthi endlalelwe ngemvuthuluka yezinkuni ngaphansi. Lokhu kumunca umchamo namanzi achithekile kususe nezimpukane endaweni. Uma onogwaja bese mahhokweni angamapulangwe kuyadingeka ukuthi ubenesihwayo ozohwaya ngaso umendlalo omanzi nezindawo ezinemisimbane.
Onogwaja bangafundiswa ukusebenzisa izingeje. Gcwalisa isitsha esiwu-45 x 30 cm (esinjengesikigi sekati) ngemvuthuluka yezinkuni bese usibeka ehhokweni lapho unogwaja esekhethe khona ukuqathaza imisimbane. Bonke onogwaja bazikhulula endaweni eyodwa. Lokhu kwenza ukuthi ukuqhakazisa kubelula njengoba isitsha singasuswa, sihlanzwe, sigezwe futhi sifakwe izimvuthu zokhuni ezintsha.
Amahhoko angufenisi adinga ukudemane ecolwa ngubhulashi locingo ukuze kususwe utshani obugaxele, imisimbane noma umendlalo emabhokisini okulala.
Amabhakede nengolovane enza kubelula ukufinyelelisa amanzi ezindaweni ezidinga ukugezwa nokususwa kwezibi nomquba, okumele konke kuye enqwabeni yomquba wesivande. Ngisho noboya obuvuthuluka kunogwaja buyasuswa busiwe enqwabeni yomquba.

Translated by Zoza Shongwe