Imakethe Yamaqanda

© Chris Daly

Ngaphambi kokuthenga izinyoni noma iyiphi imishini, udinga ukubona ushaye uqobo imakethe yakho ehlosiwe,kufanele wazi ukuthi imakethe ifunani, ukuthi yini ezokunika inzuzo kanye nezindleko zokukhiqiza lo mkhiqizo, kuzodingeka futhi uqinisekise ukuthi uyazi imigomo nemibandela elawula umkhiqizo wakho. (Funda kabanzi mayelana nomthetho waseNingizimu Afrika lapha). Into engcono kakhulu yikuqinisekisa ukuthi unemakethe ngaphambi kokuba uqale umkhiqizo.

Abakhiqizi bamaqanda bangakhiqiza izinkukhu ezibeka amaqanda noma ukuzithenga lezi zinyoni masezisezingeni lokubeka lapho zinamaviki aqala ku shumi nesishiyagalombili kuya kushumi nesishiyagalolunye ngokuya kohlobo. Izinyoni zibizwa ngokuthi izikhukhukazana, kusukela nesikhathi sokuqotshwa kuze kube yilapho sezikulungele ukukhiqiza amaqanda. Kunengqondo ukuthenga izinyoni uma ibhizinisi likhule ngokwanele njengoba ukufuya izinkukhu kunzima kakhulu futhi amaphuphu kudingeka adle ukudla okulinganiselayo ukuqinisekisa ukuthi uzokwazi ukukhiqiza amaqanda amnandi amaningi. Izinkukhu kufanele zigonywe ezifweni ezibaluleke kakhulu ngaphambi kokuba ziqale ukubeka amaqanda.

izinkukhu ezibeka amaqanda ngokuvamile zikhiqiza iqanda ngosuku kuye ngohlobo, isimo sezulu nangokudla okudliwa yizona nkukhu. Ngokwesibonelo Izinkukhu ezentengiselwano ezibeka amaqanda, zikhiqiza amaqanda ambalwa kakhulu ngaphansi kwezimo ezishisayo zomswakama kunezimo ezifudumele.

Amaqanda mancane ekuqaleni kodwa ngokuhamba kwesikhathi akhula kancane kancane.Inombolo kanye nekhwalithi lamaqanda okukhiqizwa kuzokwenyuka ekupheleni komjikelezo wokukhiqiza bese kancane kancane kwehla ngobuningi. Abalimi abancane noma labo ababheke kuphela ukukhomba izinyoni ezingenazo izindleko zokudla eziphezulu bangase bakhethe ukugcina izinyoni ngomunye umjikelezo wokukhiqiza. kuzinhlelo zokukhiqiza ezijulile-izinyoni zithengiswa kubantu abathenga ngenhloso yokuthengisa uma umdayisi emi ukwenza inzuzo enhle ngokuvamile kusukela amasonto angamashumi ayisithupha nasishiyagalolunye (69) okukhiqiza.

Izinhlobo Zokukhangisa

Abakhiqizi bamaqanda bangathengisa amaqanda abo ngqo epulazini, ngendlu ngendlu noma emigwaqweni, izimakethe zabakhiqizi noma abathengisi.Ukuzikhangisela kungenza umqondo wezomnotho uma unomsebenzi omncane, kodwa kungase kube isikhathi esiningi kakhulu okwenza umkhiqizi abe nesikhathi esincane sokusebenzisa ohlangothini lokukhiqiza uma umsebenzi umkhulu kakhulu. Ukuthutha, ukupakisha kanye nokufaka uphawu kungase kwandise nezindleko.

Ngaphandle kwalokho abakhiqizi bangasebenzisa abaxhumanisi bemakethe, abavame ukuqoqa amaqanda nge-akhawunti yabo bese bethengisa amaqanda ezimakethe zendawo, kubadayisi, abathengisi, izindawo zokudlela, amahhotela, izibhedlela nokunye. Laba baqoqi bangaba abathengisi abahambahambayo, ama-ejenti emakethe, abapakethe abazimele noma abakhiqizi ngokwabo.
Kungaba umqondo omuhle ukuqala inkampani yokupakisha yokubambisana ezindaweni lapho kuneqembu labalimi abakhiqiza amaqanda.Inzuzo enkulu yalokhu ukuthi ukubambisana kuzoba nesithakazelo esihle kakhulu sabalimi ngenhliziyo ephelele, njengoba benenhloso efanayo.

Ikhwalithi Iwamaqanda

©Chris Daly
Imakethe ngayinye izoba nezintandokazi zayo, izilinganiso zokulawula noma izindinganiso ezincane kanye nokupakisha nokulawulwa kwezifo. Akubona nje ubukhulu nekhwalithi okubalulekile, kodwa ezinye izimakethe zikhetha ngisho namaqanda ngegobolondo ethile noma umbala weskhuluphashi. Akekho eNingizimu Afrika ongathengisa amaqanda okusetshenziswa ngabantu ngaphandle uma amaqanda ehambisana nomthetho waseNingizimu Afrika (Funda kabanzi mayelana nalo mthetho kanye nokugcinwa kwekhwalithi).

Ukwengeza Kokubaluleka

Abalimi bangafaka ubaluleko lemikhiqizo yabo ngokucubungula.Kungenzeka, isibonelo, bathengise amaqanda abilisiwe noma esamanzi. Ubaluleko lizophinde lengezwe ukukhiqiza ngokufaka amaphakheji nokufaka uphawu, ukuze kwehlukaniswe kanye neminye imikhiqizo.

Translated by Nsika Khoza