Idolobha laseVredefort

© David Fleminger

Idolobhana Elithulile

Nakuba idolobha laseVredefort linikeze iDome igama layo,akukhona okunye okuheha abavakashi kulo mzana othulile. Yasungulwa ngesikhathi esisodwa neParys, ngokusobala ngenxa yokungavumelani phakathi kwabakhiqizi bempahla kanye nabanikazi bomhlaba wendawo, futhi ekuqaleni kwakukhona ukuphikisana phakathi kwamadolobha omabili.
Vredefort yasungulwa ngo-1876 futhi yaba idolobha ngo-1881. Igama, elisho inqaba yokuphepha, linemvelaphi engaqinisekile. Abanye bathi igama likhombisa ukuthula okwenziwe umphakathi wendawo olimayo njengoba babe nesonto endaweni. Abanye bakholelwa ukuthi kuhlobene nokungavumelani phakathi kwamabhunu aseTransvaal naseFree State, okuxazululwe ngendlela enhle bephuza ugologo nomqathane epulazini eliseduze.

Riemland

Ekuqaleni, abantu baseVredefort babeyingxenye yomnotho wokuzingela owawudluliselwa kulo lonke elaseNyakatho-ntshonalanga yeFree State. Lesi sifundazwe sabizwa ngokuthi iRiemland, ngenxa yazo zonke izikhonkwane zesikhumba (rieme) ezikhiqizwa njengomkhiqizo ngokuzingela. Kamuva, ezolimo zagcina njengento eyinhloko yokuhweba futhi iVredefort ibonisa inezakhiwo zokulondoloza ukudla okuluhlaza okuningi.
Namuhla, isimangalo esiyinhloko sikaVredefort ,inkanyezi eyawela phansi emhlabeni. Ngeshwa, azikho izimpawu ezibonakalayo zomthelela omkhulu. Kukhona ukunyuka okuncane, okunamadwala emaphethelweni edolobheni, izivakashi ezidanile zigcine zithi yiVredefort Dome yangempela, kodwa ziphosisa. Enyuka phezulu kwamadwala ubheke ezintabeni, noma kunjalo, futhi uzoqala ukuthola umqondo wesilinganiso somcimbi womthelela.

Idolobha Elincane Elihle

Le, indawo engajabulisi ehleliwe njenga Sikhungo Esisha Sabavakashi. Isigaba sokuqala kwakufanele sivulwe ngo-2009 ngehhovisi le-info, indawo enkulu yombukiso enokufakwa kwiDome, indawo yokuhweba nezobuciko zendawo kanye nendawo yesidlo. Isigaba sesibili kwakuwufanele ibe nendawo yezemidlalo yangaphandle, imisebenzi yamasiko, izingadi ezihlelwe phansi kanye nendawo yepikiniki. Noma kunjalo, ukuqhubeka kule phrojekthi kubonakala sengathi kumisiwe kuze kube naphakade.

I-Vredefort ibilokhu ihlala emthunzini womakhelwane wayo omkhulu, i-Parys, etholakala ngamamitha ayishumi nanhlanu kuphela. I-Vredefort ayinayo imifula, asikho isitolo sezinto zakudala futhi ayikho indawo yokudlela. Esikhundleni salokho kunezitolo ezimbalwa zokudla ezixakile, izitolo eziningana ze-hadiwe kanye nezenwele. Kodwa-ke, iVredefort iyidolobha elincane elinesonto elihle nomkhathi wasemaphandleni. Kuningi okungenzeka lapha, futhi ngiyaqiniseka ukuthi kuzoba nentuthuko enkulu esikhathini esizayo.

Translated by Nsika Khoza