Great White Shark

© Jean Tresfon

Igama

I-Great white shark

Isiteketiso

I-Man-eater, I-White pointer

Igama lesayensi

Carcharodon carcharias

Ubude

Imvamisa uba ngamamitha amane, kodwa ungakhula uze ufike kwayisishiyagalombili.

Ubonakala Ngani

Lona wushaka omkhulu omise okombhoxo ocijile ndawo zombili. Usho ngekhala elikhulu elicijile namazinyo amakhulu acijile angunxantathu. Isigwedlo somhlane simise okukahhafu wenyanga. Lo shaka unamehlo amakhulu amnyama. Umhlane wawo uvame ukuba nsundu noma mnyama bese uthanda ukukhanya emaceleni. Ngaphansi uba mhlophe.

Ulwazi Olwejwayelekile

Umndeni woshaka i-Lamnidae unemikhakha emithathu nezinhlobo ezinhlanu. I-Great White yilona kuphela uhlobo olusekhona emndenini emkhakheni i-Carcharodon. I-Megalodon yona isiyashabalala. Oshaka i-Mako, Salmon ne-Porbeagle nabo babalwa ngaphansi kwalo mndeni. Ingaphezulu nengaphansi lo msila liyalingana. Imvamisa abesifazane bavame ukuba bakhulu kunabesilisa. Labo shaka bangakhula beze bebe wu-2 200 kg isisindo. Kabawabekeli amaqanda, bazana oshaka abancane abaphelele.

Ukudla

Laba oshaka badla inyama, imvamisa izinhlanzi. Bayazidla nezinye izilwane ezifana namahlengethwa, imikhoma, izimfudu, nezinye izilwane ezitholakala olwande. Uma bezingela basebenzisa ikhono labo lokuzuma.

Indawo

Batholakala olwandle ezindaweni ezifudumele emhlabeni jikelele.