Flutemouth

© Johan Boshoff

Igama

I-Flutemouth/i-Cornetfish

Igama lesayensi

I-Fistulariidae

Ubude

Ijwayele ukuba wu-70cm, ingakhula ize be ngaphansana kwamamitha amabili.

Ibonakala ngani

Lena yihlanzi ende kakhulu enomzimba omncanyana oya ngokuncipha kakhulu uma uya ngasekanda noma ngasemsileni. Inekhala eluwumgxuha njengegemfe. Umsila umise okwebhaxa futhi unokusantambo okukhula phakathi nendawo kukhule kudlule umsila. Izigwedlo zisemsileni nasemzimbeni ziyalingana futhi ziqondene. Umbala wayo uvame ukuba siliva bese kuba ngathi ithanda ukukhanya esifubeni.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi i-Fistulariidae uwumkhakha owodwa onezinhlobo ezine. Le nhlanzi iyakwazi nokushintsha umbala, imvamisa ube yimigqa ensundu neyisilliva, ukuze icashele izitha. Uma izalela amaqanda iyawasaphaza emanzini.

Zidlani

Le nhlanzi idla ezinye izinhlanzi ezincane, izinkalankala, amashebenisi nezinye izilwanyana zasolwande.

Zitholakala kuphi

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.