Curly Leaf Grass

© D. Wessels

Igama

Curly Leaf Grass

Igama lesiLatini

Eragrostis rigidior

Ukusetshenziswa

Lobu wutshani obudliwa yizilwane ngendlela ejwayelekile. Bunamaqabunga angenaningi. Buwukudla okubalulekile ezilwaneni ezindaweni ezomile lapho bande khona. Lobu tshani bujwayelekile emadlelweni kanti buyinkomba yomhlabathi ophazamisekile noma ongayilungele imvelo.

Incazelo

I-broad curly leaf wutshani obungasheshi ukusha, obuhlala isikhathi eside. Bungakhula buze bufike emitheni elilodwa ubude. Amaqabunga uma esomile ayagoqana. Intshakaza yabo ikhula ihlukane ibe yizimbali ezimbili. Isakhiwo samaqabunga angezansi ungathi sisaphepha. Kokunye lobu tshani buyaba neziqundu ezihlangene noma izimpande kwezingezansi (ngaphezu komhlabathi).

Indawo obukhula kuyo

Utshani i-curly leaf grass buvame ukukhula ezindaweni lapho ukukhula kwemvelo kuphazamisekile. Kungaba yizindawo lapho izilwane sezadla khona zeqisa noma izindawo ezihlaselwe wukuguguleka komhlabathi. Butholakala ezindaweni ezinesihlabathi eningizimu ye-Afrika nase-East Africa, emazweni anjengoKenya no-Uganda.

Izimbali

ENingizimu Afrika lobu tshani buqhakaza izimbali phakathi kukaMfumfu noNhlaba.