Caspian Tern
Injulazoza Yasekhaspa

© Nigel J Dennis
Caspian Tern.

Igama

Injulazoza Yasekhaspa

Igama LesiLatin

Hydroprogne caspia

Umndeni

Rynchopidae

Ubude

52 cm

Indawo

Zihamba ngambili noma ngamaqoqwana emachwebeni nasemachibini.

Ukukhala kwayo

Isho ngezwi elikhulu ithi ‘kwa-kwa’ noma ‘kwaah’.

Ukuzalela

Isikhathi sokuzalela eKapa nguZibandlela noMasingana kanti isidleke siba umqhwisho enhlabathini. Injulazoza yendlala izibi kusona, siqukathe amaqanda amabili anegobolondo elihayayo eliluhlazana njengotshani, elinamabala ambalwa abukhwebezane.

Ukuchazwa kwamachwane

Amachwane abonakala ngokuba namachashaza ansundu ukuthi awakazaleli.

Ukuchazwa kwekhulile

Iyinjulazoza enkulu esifundeni sethu. Umlomo omkhulu obomvu nobungako bayo le njulazoza benza ingangabazeki.

Isimo Sayo

Iyisakhamuzi esivamile.

Ukusabalala

Ihlala ogwini futhi izalela ehlobo kwezinye iziqhingi zomquba wamalulwane, eReiners Kraal, eBredasdorp naseStrandfontein.