Cape Riesling

© Glenneis Kriel

Incazelo

I-Cape Riesling ngamagilebhisi aqhamuka eFrance, kodwa ke ajwayele ukutshalwa e-Australia nase Ninguzimu Afrika. La ekhaya kuthiwa yi Crouchen Blanc ngenxa yokudidanisa igama layo namaglebhisi ase Jemeni ekuthiwa yi Rhine Riesling.

Lapho Aqhamuka Khona

France

Amanye Amagama

Kunama gama angamashumi amambili anesihlanu i-Cape Riesling ebizwa ngawo, amanye eyaziwa ngayo yi: Crouchen Blanc, Cruchen, Kaapse Riesling noma i-Paarl Riesling. La eNingizimu Afrika igama elisetshenziswayo lalamagilebhisi yileli elithi Crouchen Blanc.

Ukukhiqizwa eNingizimu Afrika

Lamagilebhisi aqala ukutshalwa ngo nyaka wama 1926 ngenxa yokuthi kulula ukuthi ahlume. Ama hektare angama 270 eNingizimu Afrika kusatshalwa kuwo i-Crouchen Blanc, kodwa ama hektare angama 35 ngo nyaka wama 2016 ashatsalaliswa.
Iningi la lamagilebhisi atshalwa e Breedkloof (110ha) nase Paarl (79ha), abakhiqhizi abanye abaziwayo ngabase Theuniskraal (Tulbagh) nase Van Loveren (Robertson). Umvini wokuqala watshalwa ngo 1962 kwi famu ekuthiwa yi Uitsig.

Ukukhula

I Crouchen Blanc yisithelo esingakhiqizi isigaxa eziningi zamagilebhisi, ungathola nje amathoni ayishumi noma ishumi elinesihlanu kwi hektare. Kodwa ke, abatshali benza kakhle kwi -trellising. Lamagilebhisi akhula kahle kwisihlabathi esingashisi kakhulu nakwizindawo ezipholile.
Isilinganiso sezinga lokuvuna ushukela kulama gilebhisi kuphakathi kwamashumi amabili ukuyosho kwa mashumi amabili (20 -22 degrees) anesibili kwe-balling.

Ukuvuthwa

Lamagilebhisi akhula phakathi onyakeni, bese evunwa makuqala uMashi, emuveni kwezinsuku eziyilishumi sekuvunwe i-Chenin Blanc.

Amaqabunga

Amaqabunga alesisitshalo anama-lobes amahlanu anezinwele emithanjeni.

Amajikijolo

I-Crouchen Blanc inamajikijolo anxazonke angazwani nokushiswa ilanga.

Izinambuzane Nezifo

I-Crouchen Blanc ayizwani ne botrytis, oidium, ne downy mildew futhi ivame ukubola mangabe amagatsha elinyazwe umoya.

Ukusetshenziswa

Isikhathi esiningi i-Crouchen Blanc kwenziwa ngayo iwayini elimhlope. Lamawayini aguga kahle (ageing potential) futhi ahlala isikhathi eside ebhodleleni.

Ukunambitheka

Amagilebhisi alewayini akhula kwizindawo ezipholile, ngenxa yalokhu uthola ukuthi iwayini eyenziwe ngawo inephunga elimnandi, kodwa mangabe ekhule kwizindawo ezifudumele, uthola ukuthi ukunambitheka kwayo kuyababa (coarse) futhi ayina bhalansi. I-Crouchen Blanc kwenziwa ngayo amawayini anephunga elimunandi ngathi lelezithelo notshani.

Amanothi

Trellising - this means that the vine produces many branches and by tying the branches onto the a system of wires and poles (like a hedge) all the burnishes will get sun exposure and ripen simultaneously.

Translated by Nwabisa Ngumbela