Black Headed Oriole
Umgoqongo Okhanda Limnyama

© Nigel J Dennis
Black Headed Oriole.

Igama

Umgoqongo Okhanda Limnyama

Igama LesiLatin

Oriolus larvatus

Ukubukeka

Le nyoni inomlozi owulozolo evame ukuwenza endaweni yayo. Inombala ogqamile ophuzi nekhanda elimnyama. Njengeminye imigoqongo, inezimpaphe eziphuzi ngokugqamile umehluko kube yilo yikhanda elimnyama. Yize inemibala egqamile, kusengaba nzima ukuyibona ngenxa yokuthi indawo eyithandayo isemahlathini anemithi emide namahlanze acinene. Ivame ukuthi izwakale kuqala ngaphambi kokuyelamela ngenxa yemilozi yayo ewulozolo ethakwe nephimbo elindondayo, elijika lintswininize kakhulu lidonse amehlo abantu. Umgoqongo okhanda limnyama undiza sengathi ushwibekela phansi, uphinde uqonde, okuyithatha kuyibeke ekuthungatheni izithelo nezinambuzane okungukudla kwayo. Umlomo wayo omude futhi uqinile ngakho uyayisiza ekudleni izinambuzane, amacimbi, izintethe namabhungane.

Ukudla

Lezi zinyoni zidla izithelo, izinambuzane, izithelo eziyizinhlamvana nompe futhi kuthiwa ukudla zikugaya ngesivinini esingaba yimizuzu emihlanu esiswini. Zakha izidleke ezihlahleni, egatsheni eliyibhaxa. Amaphuphu ondliwa ngamacimbi. Alukatholakali ulwazi olumayelana nesikhathi sokufukamela kwayo.

Ukuzalela

Izidleke ziyalenga sengathi izikhwama, zembozwe ngolwembu. Zakhiwe ngezinswazi emagatsheni amancane phezulu ophahleni lwesihlahla.

Zitholakala kuphi

Umgoqongo okhanda limnyama (Oriolus larvatus) utholakala esigcemeni esikhulu eNingizimu Afrika ikakhuu engxenyeni esempumalanga. Uyatholakala futhi kude neningizimu kude njengaseGeorge.