Bat Hawk
Uklebe omnyama

© Per Holmen
Bat Hawk.

Igama

Uklebe omnyama (Macheiramphus alcinus)

Ukubukeka kwawo

Uklebe osukhulile uba mnyama sakubansundu yonke indawo, ngaphandle kwebala elimhlophe ngaphezulu nangaphansi kweso. Maphakathi nesifuba nomphimbo kumhloshana bese kuba nomugqa omhlophe omkhulu maphakathi nesifuba. Amehlo awo aphuzi ngokugqamile. Umbombo mnyama kanti imilenze nezinyawo kumpunga sakuba luhlaza njengesibhakabhaka. Oklebe abasebancane baba nsundu kakhulu futhi banamachashaza kakhulu kunasebekhulile. Baba nombala ophaphathekile lapho okumile khona izisila, nombala mhlophe kakhulu esifubeni.

Ukudla

Uklebe omnyama uziphilisa ngokudla kakhulu amalulwane, izinkonjane, amahlolamvula nozalukelakude, yengezele ngezinyoni ezincane nezinambuzane ngezinye izikhathi. Zonke izinyoni uzibamba zindiza, ezizingela ngesivinini esikhulu. Awulokothi wehlele enhlabathini ukuzobamba inyoni, kodwa uyijaha inyoni uyifake emabhilidini.

Ukuzalela

Uma sesethwese isikhathi sokukhwelana, kuba nokujahana okukhulu eduze nesizinda sokuzalela, nemigilingwane yokushaya amaphiko, nokuthintana ngezinyawo nemibukiso yokuphenduphenduka. Ukundizela umgcagco kuyingqayizivele futhi kwenziwa ngesikhulu isivinini. Uma sekuziwa esihlahleni esinesidleke izinyoni zindiza ngokushesha okukhulu, zindizela phansi, bese zigxumela egatsheni.
Isidleke sivame ukwakhiwa kuso lesi sihlahla izinyoni eziphumula kuso imini yonke. Ubulili bobubili bufaka isandla uma kwakhiwa, kodwa isikhukhukazi senza umsebenzi omningi kuneqhude. Izinti zinqampunwa emagatsheni omile. Isidleke sivame ukuba phezulu esihlahleni, egatsheni elikhulu. Kwesinye isikhathi siba phakathi nendawo esihlahleni. Ubungako baso buyizinyawo ezintathu ububanzi bube wunyawo olulodwa ukushona phansi. Siwumcengezi obanzi, kanti kwesinye isikhathi asifakwa amaqubu okuthofozelisa. Esikhathini samanje usuyazithola izidleke zoklebe abamnyama ngisho phakathi emadolobheni.
Isikhukhukazi yisona kuphela esifukamelayo sichitha isikhathi esiningi esidlekeni. Ebusuku siyasishiya isidleke sindize bude buduze nesidleke, kodwa kasizingeli sona uqobo lwaso. Ngokuvamile amaqhude yiwo asondlayo isikhukhukazi isikhathi esingangenyanga sifukamela.
Amaphuphu amila izimpaphe ezimpikweni emuva kwezinsuku ezingama-35 kuya kuma-40. Ngalesi sikathi esahleli esidleni ondliwa yibo babili abazali bawo. Amaphuphu ondliwa kuphela emizuzwini yokugcina eyishumi neanhlanu kuyakwengamashumi amabili ngaphambi kokuhwalala. Ngalesi sikhathi izinga lokondla liyashesha, kuba kanye emizuzwini emithathu noma emine. Abazali babeka ukudla emaphethelweni esidleke bese beyandiza bahambe, babuye emuva kwesikhashana sebephethe okunye ukudla ukudla. Inyama elethwa emaphushini ihlanganisa nezinambuzane.
Ekuqaleni kwenkathi yokumila kwezimpaphe isikhukhukazi sisala esidlekeni namaphuphu, kodwa esontweni lokugcina abazali bobabili bahlala emagatsheni esihlahla esinesidleke noma ezihlahleni eziseduze. Amaphuphu ahlala duze nesidleke isikhashana kuphela emva kokumila izimpaphe. Lezi zinyoni zizalela njalo, oklebe ababili bakhulisa iphuphu elilodwa kuyo yonke iminyaka.

Isimilo

Uklebe omnyama uyathula isikhathi esiningi, kodwa ekuhwalaleni nasembukisweni ushaya umlozi ophezulu ayizikhawu, ‘tshivivi, tshivivi’ noma ‘gwigwi-gwigwi’. Le milozi izwakala ibuthaka uma iqhathaniswa nobungako bale nyoni.
Uma undiza lo klebe ubukeka umnyama kanti mncane ngomzimba, uthi mawulingane noklebe omahwaqa. Noma kunjalo, isithunzi sawo sokundiza ngesikahebe omkhulu. Into ebalulekile empilweni kuklebe omnyama yindawo evulekile egcwele izindimbane zamalulwane, izinkonjane, ozalukelakude noma izinambuzane ezinkulu imbala, engakubamba indiza ngokuhwalala.
Uklebe omnyama ungabonakala kusihlwa uzingela phezu kwamachibi, imifula emikhulu nemifudlana, ezihlabathini zolwandle, ezikhumulweni zikajantshi, nasemagcekeni amakhulu anotshani eduze namabhilidi. EMpumalanga khona wejwayele ukuya emilonyeni yemigede yomgubane omhlophe nakweminye imigede enezidleke zonozalukelakude.
Ngenxa yemikhuba yawo ethe phecelezi uyinyoni engandile kodwa unakho ukuvele uthi thushu ezindaweni ezisemadolobhenoi nasezinkalweni ezivulekile inqobo nje uma uzothola ukudla lapho.
Uma uklebe omnyama uzingela uhlala noma azungeze leyo ndawo oyikhethile ngesivinini esikhulu ubuka phezulu, phansi, nasemaceleni omabili ayo (awufani nabanye omadl’ezinye, bona ababuka phansi kuphela). Ubamba amalulwane, izinkonjane namahlolamvula kundiza, kanjalo nezinyoni ezincane nezinambuzane. Ukudla ukubamba ngasezinyaweni bese ukugwinya kuphelele. Le nyoni izingela isigamu sehora e-Afrika, kodwa izingela isikhathi eside eMpumalanga, lapho inyamazane yayo kungozalukelakude esikhundleni samalulwane.
Ukuze ukwazi ukuthiba indlala ngokushesha kumele uthole izinyamazane zawo ziyinala futhi zibe ncane ngomzimba ukuze zigwinyeke kalula noma undiza. Uklebe omnyama kawuwabambi amalulwane amakhulu adla izithelo, okuyiwona amaningi endaweni yakhe, kodwa ugxila emalulwaneni amancane nasezinyonini ezincane.
Emini uklebe omnyama uhlala esihlahleni esikhulu unganyakazi, kuthukela nje ukuthi undize ibangana. Uyabonakala kancane undizandiza emini ngesikhathi sokukhwelana nokuzalela. Umzuzwana nje ngaphambi kokuhwalala uyandiza, uzingele kuze kube mnyama. Uyazingela futhi nasekuseni ngovivi.

Batholakaphi oklebe abamnyama

Uklebe omnyama utholakala eMalaysia, eningizimu-mpumalanga yeNew Guinea, ezansi kweSaharan Afrika, nasezindaweni ezehlukene kusukela emahlathini acinene asoThungulu kuya emahlanzeni ezindaweni eziwugwadule.