Anemones

© Johan Boshoff

Igama edume ngalo kwezifana nazo

I-Anemones

Isondelene

Nezimbali zasolwandle

Igama lesayensi

I-Actiniaria

Ubukhulu bayo

Isulela kwisentimitha elilodwa kuya kumamitha amabili ngobukhulu.

Ukubukeka

Inomzimba owumbhoshongo ovulekile phakathi, ohlangene namalungu abambelele okuhamba emanzini. Izingadlwana ezininingi zizungeze umlomo. Inemibala ehlukahlukene esukela konsundu, o-pink, obukhwebezane, osaqanda, obomvu, owolintshi kuya koluhlaza njengotshani nesibhakabhaka nobomvu tebhu.

Imininingwane ejwayelekile

Kunezinhlobo eziwu-44 emndenini walezi zilwane, bese kuba nezilwane ezingaphezu kuka-1 000 ezicishe zifane nazo. Ama-Anemones ahlobene kakhulu nama-corals nenhlazi itheketheke kuhle kwamafinyila (Jellyfish). Sinamalunga omzimba angabonakali asezingalweni esiwasebenzisa ukuhlaba lokho esifuna ukukubamba.
Lezi zilwane zihlala ngaphansi kwesihlabathi noma emapayipini asondele. Zizalela emanzini ngokudedela amaqanda agcwale yonke indawo.

Ezikudlayo

Zidla izilwanyanya ezincane zasolwandle noma izinhlazi ezincane.

Zizalana

Zanda kuwo wonke amazinga okushisa nokubanda kanti futhi zanda kalula olwandle olufudumele.

Izinhlobo zazo zaziwa ngama

Giant anemone - Heteractis magnifica
Sandy anemone - Aulactinia reynaudi
Tiger anemone - Nematanthus annamensis.