Amazenze/Amakhizane ezinkukhu

© Chris Daly

Yize noma izinkukhu zisiza abalimi ngokuqhelisa ezinye zezinhlobo zamazenze angabi kwenye imfuyo enjengezinkomo nakwizindawo ezizungeze indlu yazo, kodwa zikwingcuphe yokungenwa amazenze i-tampan noma i-fowl. Lezizimuncagazi zamapharasithiya zivamise ukungabhekisiswa kahle uma kuhlolwa izinkukhu ngoba uma esemancane kakhulu athi ukuwadlula ngesikalo kancane awobutata futhi nawo amazenze adla ebusuku kuphela lapho izinkukhu ziphumule. Amazenze ezinkukhu angadala ezinkulu izinkinga uma eshiywa engalashiwe kakhulu uma izinkukhu zikhiqizwa ngesibalo esiphezulu endaweni eminyene.

Okunye ngalamapharasithiya

Amazenze-Fowl ayisicaba, amise okusaqanda kanti futhi athambile, awafani namanye amazenze anjengalawa avamise ukuhlasela izinja namakati. Njengobutata, anemilenze eyisishiyagalombili ngaphandle uma esengamaphuphu lapho eba nemilenzana eyisithupha. Kuyenzeka ahlukane ngosayizi kusuka ku 3 kuya ku 15 mm ubude kuyeke nangohlobo lofuzo lawa noma kube ukuthi asandukumunca igazi.
Kungenzeka ahlale kwizitshalo lapho ezama ukubamba isilwane azohlala kuso, kodwa ngokuvamisile wona ahlala ezindaweni ezinompheme njengemifantu nezidleke. Iphuphu lawo liyakwazi ukuphila isikhathi esingangezinyanga ezimbili noma ngaphezulu, asemakhudlwana awo unyaka wonke kanti asemadala awo iminyaka emithathu ngaphandle kokudla kwawo kokumunca igazi.

Izinkomba nezifo ezidalwa yiwo

Awagcini nje ngokubangela isifo sokuphelelwa igazi elanele emzimbeni (anaemia) wenkukhu kodwa akwazi ukudlulisela nezifo eziningi ezinobungozi bokubulala njenge tick paralysis (ukugongobala) ebangwa ubuthi obuba sematheni, iBorrelia anserine, Borrelia spirochetes, Borreliosis, Spirochaetosis, Pastuerella ne West Nile virus.
Izinkomba ezihambisana nokubheduka kwamazenze kubalwa ukugongobala, ukuyetha, ukuncipha emzimbeni, ukungakhuli ngokufanele, izimpaphe zibe mahliphihliphi, amashashazi esikhunjeni kanye nohudo. Izinkukhu zivamise ukunganethezeki, zingahlali ngandawonye zibe manzonzo ebusuku. Izinkukhu ezikhululekile ukusabalala zingabonisa ukungafuni ukungena ehhokweni.
Uma uhlola izinkukhu, bheka amabala amancane abomvana ngoba ilapho okungenzeka ukuthi izinkukhu zilunywe khona. Amazenze avamise ukutholakala ezindaweni ezizungeze ikhanda nentamo, kwisidunu nakwizindawo ezinezimphaphe eziphuphuzelayo emzimbeni kanye nasemilenzeni. Khumbalake kodwa ukuthi amazenze awahlali kuzo izinkukhu futhi adla uma sekusebusuku kuphela, ngakho ukuhlola kumele kwenziwe ebusuku ngamalambu agqamile. Ehhokweni, kungenzeka kubonakale amachashazi abomvu phakathi emifantwini nalapho kunokukayeka khona lokho kungenzeka kuchaze ukuthi amazenze akhona kulezozindawo.

Ukwelapha namasu okuvikela

  • Izinkukhu kumele zihlolwe njalonjalo ukuze kutholakale izinkinga kusemaduze. Izinkukhu namahhoko azo kumele ahlolisiswe kahle uma kuyisebusuku. Kulula ukuwabona amapharasithiya uma esegcwele igazi alimuncile
  • Ukucophelela kumele kwenziwe uma kulethwa izinkukhu ezintsha. Izinkukhu ezintsha kumele zihlolisiswe, zilashelwe amapharasathiya futhi ziqheliswe kumhlambi osuvele ukhona, okungcono zingagcinwa kweyazo zodwa indawo isikhathi esingalinganiselelwa kumasonto amabili futhi kuqinisekiswe ukuthi ayikho ingcuphe eziza nayo
  • Ukuzibhuquza othulini nokuzigeza lezi ezinye zezindlela imvelo ezama ngayo ukulwisana nezinambuzana, ngakhoke izinkukhu ezingekho ezindaweni enomhlabathi wokuzibhuquza nalezo isigqofo sazo esesiphumile noma esesidala zingaba sengcupheni
  • Sebenzisa umlotha wokhuni emhlabathini wokubhuquza, uyasebenza kakhulu ukushelelisa nokuqothula amapharasithiya uphinde uhlanze isidumbu senkukhu kumafutha angadingeki nazozonke izinsalela amanye amapharasithiya adla kuzo. Umlotha wokhuni ungahlanganiswa nesihlabathi noma i-peat moss bese ubekwa ethinini elidala noma kubhavu weplasitikini okuzokwenza kubelula ukuwuqoqa
  • Sebenzisa umkhiqizo obhaliswe ngokugcwele ukuthi ongowekwelapha izintwala noma izinkukhu ezithelelekile. Imanuwali yoMnyango wezeMvelo KwaZulu Natali ngokugcinwa kwezinkukhu incoma ukusetshenziswa kuka Karbadust. Abakhiqizi bayaye bakhuthazwe ukuthi bafake inkukhu enezintwala kwiphakethe noma isikhwanyana bese ikhanda livele ngaphandle. uKabadust kumele uthelwe esikhwameni beseke sishukunyiswa kahle ngesineke kubhuquziswe inkukhu yonke. Kumele usetshenziswe kuphela ezinkukhwini ayi kumakheji nasezindlini
  • Izindlu zezinkukhu namakheji kumele zihlanzwe njalonjalo, uma kungenzeka, zifafazwe ngesibulala magciwane. Akusizi ukwelapha izinkukhu kuphela, izindawo ezizungezile nazo kumele zihlanzwe kususwe wonke amaqanda amazenze acashe emifantwini nakwizidleke, lokhu kwelapha kumele kulandelwe njengokwemiyalelelo yomkhiqizo ukuze kuqinisekiswe ukuthi amaqanda, amaphuphu amazenze kuyasuswa konke kuphele nya. Izindawo ezifihlakele njengasekukayeni nasemifantwini kumele zivalwe
  • Izifutho zomoya zokuvikela ziyadingeka ezindaweni lapho amazenze angaba inkinga khona ejwayelekile
  • Yelapha izindawo ezizungezile. Amadlelo notshani kumele kwelashwe nokhula oluzungeze indlu kumele lususwe ukuvimbela ukuthi amazenze angabambeleli kukhula bese egxumela ezinkukhiwni
  • Khipha amazenze ngokucophelela. Noma imiphi imizamo yokudonsula amazenze ivamise ukushiysa ikhanda lezenze linamathele esikhunjeni futhi lokhu kungaholela ekuthelelekeni okunye noma kube nethumba. Iya kudokotela wezilwane uma unokungabaza noba ubunzima bokuthola ngesiqiniseko ukuthi lenkinga ungayisusa ngani

Translated by Nokubonga Guliwe