Abamangalelwa Becala Lokuvukela Umbuso

© Dr Peter Magubane
Abamangalelwa abathathu becala Lokuvukela umbuso bayafika ePitoli ngo August 1958. Kusuka Kwesokunxele kuya kwesokudla: Robert Resha, Patrick Moloa no Nelson Mandela.
Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminyaka yo 1950’s yesikhathi sobandlululo. Lezi zishoshovu okubalwa kuzo noMandela, Ruth First, Z.K. Mathews no Lionel "Rusty" Bernstein babhala baphinde basingatha Usomqulu weNkululeko owawukhuluma ngamandla abantu base Ningizimu Afrika abanawo. Uhulumeni wobandlululo wabe esehlela itulo lokugasela kulezizishoshovu nokwaholela kwicala Lokuvukela Umbuso ngo 1956 nelathatha iminyaka engu 11. Ngo 1961 bonke laba ababebekwe icala batholakala bemsulwa base bekhululwa.
Abasesithombeni abathathu babamangalelwa Becala Lokuvukela Umbuso bengena ePitoli ngo 1958. Phakathi kwabo kukhona uMandela owayemsencane ngalesosikhathi kanti ohambisana kanye naye ngumholi Wophiko Lwentsha lwe African National Congress uRobert Resha kanye no Patrick Moloa.

“Angisiye ongcwele, ngaphandle uma ucabanga ukuthi ongcwele yisoni esihlezi sizama.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more